HIV and AIDS Charter in Zulu
Thursday, 10 March 2005

ISHATHA YAMALUNGELO NGESIFO SE-AIDS NEGCIWANE I-HIV

ISANDULELO
Ngenxa

  • yobandlululo olukhona kubantu abane-AIDS noma igciwane lalesi sifo i-HlV kanye nokubandlululwa kwalabo abathandana nabo,imindeni yabo nalabo abababhekile ngokwezempilo.
  • ingozi yokuthi ukwanda nokusabalala kwalesi sifo eNingizimu Afrika kuzobanga ukukhula kokuhlukunyezwa nokuphathwa kabi kwabantu abahlaselwe yilesi sifo.
  • yokuba khona kwesidingo sokuba abantu base-Ningizimu Afrika bathole ulwazi olwanele nge-AIDS kanye negciwane le-HIV, kanye.
  • nesidingo sokuthi kuhlanganwe e-Ningizimu Afrika ukuze kuvinjwe ukwanda kwegciwane le-HIV.

    Thina nezinhlangano esisayine ngezansi, sibona ukuthi kubalulekile ukuba kucaciswe ngamalungelo asemqoka azo zonke izakhamizi okumele zibenawo futhi zingaphucwa wona ngoba zinegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS, futhi kucaciswe ngezibopho ezithile okufanele zifezwe.

1 INKULULEKO, UKUZIMELA NOKUVIKELEKA KOMUNTU KANYE NOKUHAMBA NGOKUKHULULEKA

 

1.1 Abantu abanegciwane le-HIV kumbe i-AIDS banamalungelo enkululeko, ukuzimela nokuvikelwa nenkululeko ekuhambeni njengabo bonke abanye abantu.

1.2 Akumele kube nokuvinjelwa ekuhambeni ngokukhululeka ngaphakathi kwezifunda nangaphakathi kwezwe kubantu abanegciwane le-HIV kumbe i-AIDS.

1.3 Ubandlululo, ukubekwa ngayedwa kwabantu abasemajele, ezikoleni, ezibhedlela noma kuphi ngokuthi banesifo se-AIDS noma igciwane le-HIV akwemukeleki.

1.4 Abantu abane-AIDS noma igciwane lasesisifo banelungelo lokuzimela uma benza izinqumo ezimayelana nokushada, ukuthola abantwana, kodwa kufanele bafundiswe ngemiphumela yezinqumo abazithathayo.

2 IMFIHLO

 

2.1 Abantu abanegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS banelungelo lokuthi ulwazi mayelana nesimo sempilo yabo kanye nesimo ngegciwane le-HIV kungasatshalaliswa, kuhlale kuyimfihlo.

2.2 Ulwazi ngempilo yomuntu onegciwane le-HIV akufanele lutshelwe abanye ngaphandle kwemvume yalowo muntu noma esengasekho emhlabeni, ngaphandle uma lufunwa abomthetho, kufanele kutholakale imvume kwabomdeni wakhe kanye nalowo athandana naye; ngaphandle kwalapho kucacile ukuthi kunengozi futhi kwesatshelwa izimpilo zabantu abathize.

3 UKUHLOLWA

 

3.1 Kufanele umuntu onalesi sifo anikeze imvume yokuthi igazi lakhe lingahlolwa; ngaphandle uma kwenziwa izinhlelo zokucwaninga ngokubheduka kwalesi sifo kodwa kungathathwa abagama abantu.

3.2 Kufanele wonke umuntu abe nelungelo lokuhlolwa ukuthi unalo yini igciwane le-HIV ngaphandle kokuba aveze igama lakhe futhi lokhu kube yimfihlo futhi wonke umuntu athole iziyalo ngaphambi nangemumva kokuhlolwa.

3.3 Abantu abatholakala ukuthi banegciwane le-HIV kufanele bathole njalo usizo lwezempilo.

4 UKUFUNDISA NGESIFO SE-AIDS NANGEGCIWANE LE-HIV

 

4.1 Bonke abantu banelungelo lokuthola ukufundiswa kanye nolwazi olugcwele ngegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS, kanye nolwazi nezindlela zokuzivikela.

4.2 Umphakathi kufanele ufundiswe ukuze kuvinjelwe ubandlululwa kwabantu abanegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS.

5 UMSEBENZI

 

5.1 Akufanele abantu baqashwe emva kokuhlolelelwa igciwane le-HIV futhi akufanele libe yisizathu sokuvimbela noma ukwala ukuthi umuntu aqashwe emsebenzini.

5.2 Uma unegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS akusho ukuthi mawuphelelwe wumsebenzi, noma wehliswe esikhundleni sakho, uxoshwe noma ubandlululwe emsebenzini.

5.3 Ulwazi lokuthi umsebenzi unengculazi no ma igciwane lalesisifo akumele ludluliselwe kumqashi.

5.4 Akukho mthetho obekiwe ukuthi abasebenzi mabahlolwe ukuthi abanalo yini igciwane le-HIV.

5.5 Ulwazi nokufundiswa ngegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS, kanye nosizo lweziyalo mayelana nalesi sifo, kufanele abasebenzi bakwazi ukuluthola emva kokuxoxisana nabamele abasebenzi.

6 EZEMPILO NABABO ABASIZA NGEZEMPILO

 

6.1 Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS banelungelo lokuba nezindlu, nokudla, usizo lukahulumeni kulabo abantulayo, usizo lwezempilo nokuphilisana kahle okufana nabo bonke abanye abantu emphakathini.

6.2 Abantu abanegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS kufanele batholelwe izindawo zokuhlala kanye nosizo olufanele lukahulumeni.

6.3 Imbangela yokugula komuntu akufanele kube isizathu sobandlululo uma kunikezwa ezempilo nemithi.

6.4 Igciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS akumele kube yisizathu sobandlulo ezikhwameni kanye nosizo lwama-Medical Aid.

7 EZOKUSAKAZO

 

7.1Abantu abagciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS banelungelo lokuphathwa ngokufaneleyo ngabezokusakaza izindaba, kufanele kuhlonishwe ilungelo labo lokungadaluli ulwazi ngesifo esibaphethe.

7.2Umphakathi unelungelo lokutshelwa futhi ufundiswe ngegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS.

8 UMSHUWALENSE

 

Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS kumbe okubonakala ukuthi kulula ukuba basithole lesi sifo kufanele bavikeleke kubandlululo olungenazo izizathu eziqinile olungenziwa ngabesomshuwalense.

9 UBULILI NALABO OLALANA NABO

 

9.1 Bonke abantu banelungelo lokucela abalalana nabo ukuba baqikelele ukuvikela ukuba bangabatheleli ngegciwane le-HIV.

9.2 Ukuba lula kokungenwa yilegciwane kubantu besifazane kufanele sibhekisiswe kahle kanye nesabantu abasha nezingane.

10 IZIBOSHWA

 

10.1 Iziboshwa ezinegciwane le-HIV kufanele zithole ukunakekelwa nokuphathwa ngendlela efanayo nezinye iziboshwa.

10.2 Iziboshwa ezisifo se-AIDS kufanele zibe nokunakekelwa okuyisipesheli okulingana nezinye iziboshwa ezigula kakhulu.

10.3 Iziboshwa kufanele zithole imfundo, ulwazi nezindlela zokuzivikela njengabo bonke abantu emphakathini.

11 UKUVIKELWA OKULINGANAYO NGOKOMTHETHO NOKUTHOLAKALA KWAMALUNGELO NOSIZO LOMPHAKATHI

 

11.1 Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS kufanele babe namalungelo alinganayo okuthola usizo ezintweni zomphakathi, nokuhlolwa kwegciwane lalesisifo.

11.2 Kufanele umphakathi uthathe izinyathelo zokuvikela abantu abanegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS ukuba bangabandlululwa emsebenzini, ekutholeni izindlu, kwimfundo, ukunakekelwa nokugcinwa kwabantwana, ekutholeni usizo lwezempilo, emphakathini kanye nezenhlalakahle.

12 OKUFANELE KWENZIWE NGABANTU ABANEGCIWANE LE-HIV KUMBE ISISIFO SE-AIDS

 

Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS kufanele bahloniphe amalungelo, izimpilo kanye nemizimba yabanye abantu futhi bathathe izinyathelo ezifanele uma kudingekile.

 

Designed and Maintained by | 3rd Millenium Solutions |